Kudingeka imvume yodokotela bempilo yezilwane yokungenisa ngaphakathi ukuze ungenise imikhiqizo yederi eNingizimu Afrika noma ukuyihambisa ngokuyidlulisa ngaphakathi ezweni.
Lezi zimvume zokungenisa impahla zibekelwe umkhawulo wesikhathi esithize, kanye nokungeniswa kanye.
Yenza isicelo semvume okungenani amaviki ayisithupha kodwa hhayi angaphezulu kwayisishagalombili ngaphambi kwenyathelo olihlosile.
Uma imikhiqizo ihamba ngokudluliswa eRiphabhliki yeNingizimu Afrika, kumele kube nekhophi yemvume kadokotela wezilwane ebuya kulelo lizwe lapho lo mkhiqizo osiwa khona, le khophi yemvume kumele inikezwe ihambisana nesicelo semvume yokudlusa umkhiqizo, isicelo sinikezwe udokotela wezilwane weNingizimu Afrika.
Sicela niqaphele: Umngenisi womkhiqizo, unomsebenzi emahlombe akhe wokukhokhela amashaji ebhangi, kanye namashaji eBhangi langaPhandle uMnyango ngeke wakhipha imvume uma inani eligcwele elingamarandi ayikhulu lingakakhokhelwa.
Imali ingakhokhelwa nasemahhovisi loMnyango wezolimo, uhla lawo olufakelwe kamuva esigabeni esithi: Indawo nendlela yokuxhumana.
Uma wenza isicelo egameni lomunye umuntu, sicela uqinisekise ukuthi ukhokha egameni lalowo muntu noma leyo nkampani.
Asikho isicelo esiyobonelelwa ngaphandle kobufakazi bokukhokha. Ubufakazi bokukhokha kumele buthunyelwe ngefekisi kule nombolo ethi: 012 329 8292, iqondiswe ku: Ina Labuschagne.
Chaza kwifomu lesicelo ukuthi ngabe uzozilandela imvume noma kumele uposelwe yona. Qinisekisa nabehhovisi lemvume ngocingo ukuthi imvume isilungile ngaphambi kokuba uyoyilanda.
Izidingo zokungenisa imikhiqizo yenyama zitholakala ehhovisi lemvume noma kwi-website yoMnyango wezoLimo ekhelini loMnyango wezolimo.
Kuthatha izinsuku ezimbili ukuya kwezintathu zokusebenza ukubhekana nesicelo semvume uma abempilo yezilwane besivuma.
